Isale imabokoboko indoda etholwe ne-vibrator

2016-02-15 10:13

Florida - Owesifazane utalabhe umyeni wakhe ngemuva kokuthola ithoyizi locansi i-vibrator ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi bethutha.

Lo wesilisa usale emabokoboko enezibazi nemihuzuko ngemuva kokushaywa, kusho amaphoyisa.

UChao oneminyaka engu-48 ubudala noJoshua Sinclair asebeqede unyaka beshadile babethuthela emzini wabo omusha eSarasota ngesikhathi uChao ebuza uSinclair ngethoyizi locansi.

OLUNYE UDABA: Owesifazane uboshelwe ukweba elocansi

Kuqubuke ingxabano ephenduke impi phakathi kwalezi zithandani uChao washaya uSinclair ngezimpama nezibhakela ebusweni ephinde amncinze ephindelela.

USinclair ube eseshayela ucingo amaphoyisa uCheo waboshwa ngecala lodlame lwasekhaya kanti ungaphandle ngebheyili.

Icala lizobuyela enkantolo ngomhlaka-15 Mashi, kubika iThesmokinggun.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...