Isakhiwo se-battery yisona esadala ukusha kwamafoni akaSamsung

2017-01-23 10:02

Seoul – Uphenyo olwenziwe yisikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe, uSamsung, seludalule ukuthi imbangela yezigameko zokusha kwala mafoni kwaba yindlela okwakheke ngayo ama-battery ayo nokwakuholela ekutheni ashise ngokweqile bese eyaqhuma.

Kodwa-ke le nkampani ifunge yagomela ukuthi lesi sigameko angeke siphinde senzeke.

OLUNYE UDABA: U-Samsung usumise ukwakhiwa kwefoni egqamuka umlilo – umbiko

Izigemegeme zokusha kwala maselula adle ngobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu zaphathisa ngekhanda izikhulu zale nkampani yaseSouth Korea ngonyaka ka-2016.

Imibiko yabantu abathola ukulimala ezigamekweni zokuqhuma kweNote 7 zasabalala ku-internet nokwaholela ekutheni ezinye izinkampani zezindiza zivale amaNote 7 emabhanoyini azo kanti ezinye izinkampani zasezivale bonke ubuchwepheshe bakwaSamsung.

USamsung wagcina ucele ukuba lubuyiselwe emuva lolu hlobo lwamafoni kanti kuqagulwa ukuthi lokhu kwadla le nkampani imali engu-$6 bn.

Umhlaziyi we-HMC Investment Securities, uGreg Roh, uthi ngenxa yokuthi yi-battery kuphela eyaba yimbangela yokusha kwamafoni, hhayi ifoni uqobo lwayo noma ubuchwepheshe obusetshenziswa kuyona, lokho kusho ukuthi alukho ungabazane oluzoba khona ngoSamsung kanye namanye amafoni asezingeni eliphezulu akhiqizwa yile nkampani. 

- Bloomberg

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...