Iphoyisa lidubule labulala ozakwabo abangu-11

2017-02-28 15:59

Kandahar – Iphoyisa lase-Afghanistan lithathe isibhamu ladubula ozakwabo esifundazweni iHelmand, kwashona abangu-11 ngaphambi kokuba libaleke endaweni yesigameko, kusho izikhulu ngoLwesibili.

Isehlakalo senzeke ebusuku ngoMsombuluko eLashkar Gah, okuyinhlokodoloha yesifundazwe, kusho u-Omer Zwak, okhulumela uhulumeni wesifundazwe.

Umsolwa uqoqe zonke izinhlamvu kanye nezibhamu zozakwabo, wabaleka ngemoto yamaphoyisa. Kukholakala ukuthi uyojoyina iTaliban.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abayishumi kusha ihhotela

"Uphenyo luyaqhubeka," kusho uZwak.

UDkt Din Mohammad waseLashkar Gah Hospital uthe kungeniswe izidumbu ezingu-11 emakhazeni esibhedlela, zonke izidumbu bezinamanxeba okudutshulwa.

ITaliban asikho isitatimende esikhiphile ngalesi sigameko.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...