Iphoyisa 'libulale' umkalo nezingane zabo ezimbili

2017-09-11 16:01

Compiegne - Iphoyisa lidubule labulala unkosikazi walo nezingane zalo ezimbili, eneminyaka emithathu neneminyaka engu-5 ubudala, esiteshini sesitimela eFrance ngeSonto ngaphambi kokuzibulala, kusho iziphathimandla.

Ingxabano yomndeni iholele amaphoyise emzini walezi zithandani ngosuku lwesigameko sokubulala, lapho unkosikazi etshele khona amaphoyisa ukuthi uhlela ukumshiya umyeni wakhe.

Leli phoyisa lavuma "ngomoya ophansi" ukuthi kube ngumakhelwane wabo ohambisa umkakhe esiteshini sesitimela esisenyakatho yedolobha iNoyon, okuyibanga elifushane nasemzini wabo, kusho umshushisi uVirginie Girard etshela abezindaba.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele owadushela owesifazane emgwaqeni egijima

Unkosikazi ube esehamba nezingane ezintathu kwezinhlanu zabo, kwathi ezimbili zasala nomakhelwane.

Kuthe unkosikazi nezingane belinde isitimela, umyeni wavele wathushula esikhaleni wafike wavulela ngenhlamvu ebhekise emndenini wakhe, kwashona unkosikazi nezingane ezimbili.

Ingane yesithathu, okuyintombazane eneminyaka emihlanu ubudala eyiwele lebulewe, ayilimalanga ngesikhathi sesigameko.

"Umyeni yiphoyisa elisebenzela ekomkhulu lamaphoyisa aseParis elingakwazanga ukwamukela ukulahlwa ngumkalo," kusho uGirard.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...