Iphethe ngokubulawa kwabathathu ingxabano endaweni yokudlela

2016-10-16 17:28

Los Angeles - Ingxabano ebekhona ekuseni endaweni yokudlela eseLos Angeles iholele ekutheni kuqhube isibhamu kubulawe abantu abathathu, kulimale abangu-12, yashiya ababili besesimeni esibucayi, kusho izikhaphimandla.

Imeya yaseLos Angeles u-Eric Garcetti uthe lesi sigameko sikhomba indlela izibhamu ezisetshenziswa ngayo ngokungenamqondo eMelika.

"Ngeke sazibekezelela lezi zehlakalo eziqhubeka emphakathini yaseMelika,” kusho uGarcetti esitatimendeni.

Funda nalolu daba: Kushone 19 kugxobana abazalwane

Amaphoyisa afike endaweni yesehlakalo athola amagobolondo ezinhlamvu negazi eliningi ligcwele phathi endaweni yokudlela.

Okhulumela amaphoyisa aseLos Angeles u-Officer Mike Lopez uthe abaseshi bathungatha umsolwa okuthiwa ngowebala elimnyama, okungenzeka ukuba uhamba nowesifazane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Thunderstorms. Mostly cloudy. Cool. Pta: 8-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...