IPhalamende liphasise ukuthi abusavunyelwe utshwala

2016-10-24 13:32

Baghdad – Iphalamende lase-Iraq seliphasise umthetho ovimbela ukuthengwa kotshwala kwamanye amazwe, ukukhiqizwa noma ukudayiswa kwabo okuyisinyathelo esithuse umphakathi.

Umthetho, ophasiswe ngoMgqibelo ebusuku, uzokwenza bahlawuliswe imali engu-$21 000, abangawuthobeli.

Kodwa akucaci ukuthi ngabe lo mthetho uzoqina kangakanani.

Funda nalolu daba: Kushone 13 ibhasi lezivakashi livelelwa yingozi

Ngokomthetho wamaSulumane abuvunyelwe utshwala kodwa emadolobheni amakhulu ase-Iraq bebutholakala  ezitolo zamaKristu.

Iphalamende lase-Iraq linamalungu amaningi amaqembu amaSulumane. IPhalamende limemezele kwi-website yalo lezi zindaba, kodwa alishongo ukuthi bangaki abavotele lo mthetho.

Nakuba kunjalo, sekuvele ukuthi amanye amalungu ePhalamende ahlela ukubabela enkantolo efuna ukuphikisa lo mthetho.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...