Intombi icele amasoka ayo angu-20 ukuba ayithengele ama-iPhone 7s amasha

2017-11-01 14:03

eChina -Owesimame waseChina wenze okukhulu ukuhlakanipha ecela inqwaba yamasoka akhe angu-20 ukuba amthengele umakhalekhukhwini osanda kukhishwa, i-iPhone 7s.

Ngemuva kokuthola omakhalekhukhwini bayo, le ntokazi ibe isibadayisa bonke ukuze ithole imali yokukhokhela umuzi omusha.

Le ntokazi esebenza njenge-blogger ibhale ezinkundleni zokuxhumana iveza izindlela eziphantela ngayo imali.

Ngesikhathi luvela lolu daba, iningi labantu belisola ukuthi akulona iqiniso kwaze kwaba wukuthi abe-BBC bakhipha udaba oluveza ukuthi impela lokhu kwenzekile.

OLUNYE UDABA:Abesifazane kumele bawashiye amasoka anesibhaxu - Mbalula

Le ntokazi idayise wonke la ma-iPhone ngo-$A23,200 (R 251 9482.70) yakhokha le mali njengediphozithi yomuzi omusha.

Le ntokazi ithi ayizalwa emndenini odla izambane likapondo, ngakho-ke ibone kungcono iqhamuke nesu lokuthola imali yokuthenga umuzi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...