Intombazane ibulawe ushaka phambi komndeni wayo

2017-04-18 11:01

Sydney – Intombazane eneminyaka engu-17 ubudala ishonile ngemuva kokulunywa ushaka phambi kwabazali bayo ogwini oluseningizimu-ntshonalanga ye-Australia, kusho iziphathimandla ngoLwesibili.

ULaeticia Brouwer ubesebhishi noyise ngaseWylie Bay ntambama ngoMsombuluko, kusho amaphoyisa.

Intombazane ilahlekelwe umlenze wayo kanti ibiyopha kakhulu ngesikhathi ikhishwa emanzini, iphuthunyiswa esibhedlela e-Esperance.

Unina kanye nodadewabo ababili abancane bazibonele nabo lesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha abahlasele ibhasi leqembu lebhola

"Ubaba nendodakazi bebebhukuda ngesikhathi indodakazi ihlaselwa ushaka,” kusho ibamba lesikhulu samaphoyisa uBen Jeffes etshela izintatheli.

"Ubaba uzame ngamandla akhe wonke ukusindisa indodakazi yakhe.

"Uyikhiphele ngaphandle kwamanzi, umndeni wabiza abezimo eziphuthumayo.”

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...