Intombazane, 16, ilimaze ubuntu bomfana, 10, izama ukumdlwengula

2016-06-29 20:30

New Delhi - Kuboshwe intombazane eneminyaka engu-16 ubudala ngecala lokuhlukumeza ngokocansi ingane ngemuva kwezinsolo zokuzama ukudlwengula umfana oneminyaka engu-10 ubudala.

Amaphoyisa aseBidhunu athe umfana uphuthunyiswe esibhedlela.  

OLUNYE UDABA: Ona-13 uhoxise elokudlwengulwa yiphoyisa

Ngokophenyo lwamaphoyisa le ntombazane yakhuluma nale ngane yaze yavuma ukuyingenisa endlini.

Ngesikhathi le ntombazane isingaphakathi endlini le ntombazane  yazama ukuzibandakanya ocansini nale ngane kodwa yenqaba yalwa. Le ngane yalimala esithweni sayo sangasese yabe isiyopha ngenxa yokuhlaselwa.

Lo mfana waphuthunyiswa esibhedlela iHallet lapho esesimeni esikahle khona.

Amaphoyisa njengoba isisulu nomsolwa beyizingane bobabili intombazane izothweswa icala ngaphansi kwesigaba sesi-8 seProtection of Children from Sexual Offences (POCSO) Act, kubika iworldwideweirdnews.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...