Intatheli ibulawe kabuhlungu phambi kwezingane zayo

2017-12-12 18:02

Mogadishu – Intatheli yesiteshi sikamabonakude eSomali ishonile ngemuva kokuma kwebhomu ebicushwe emotweni yayo.

 Isigameko senzeke phambi kwezingane zayo intatheli, kusho izihlobo.

Sezinhlanu izintatheli esezibulewe kuleliya lizwe nonyaka.

UMohamed Ibrahim Gabow, obeyintatheli yeKalsan TV, ubethathe ikhefu emsebenzini, eyochitha isikhathi nezingane zakhe.

Ubesanda kuphuma emzini wakhe ngoMsombuluko ngesikhathi ibhomu ebifakwe ngaphansi kwesihlalo somshayeli iqhuma.

OLUNYE UDABA: Amasosha asuse abadayisa emgwaqeni eZimbabwe

Ushonele esibhedlela ngokuhamba kwesikhathi.

"Ubeyintatheli ezimisele ngokusebenzela umphakathi,” kusho isihlobo sakhe uMohamed Abdirahman ngoMsombuluko ntambama.

"Asazi ukuthi kungani bembulalele phambi kwezingane zakhe.”

Okwamanje akekho osephumele obala ngokuhlasela le ntatheli, kodwa izintatheli zihlaselwa kakhulu ngamavukelambuso.

ISomalia ingelinye lamazwe ayingozi kakhulu ezintathelini.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...