INkosana yamaNgisi isithembise isinqandamathe sayo umshado

2017-11-27 14:01

Cape Town - Indlunkulu yaseBrithani ikhiphe isimemezelo kulandela ukuthi iNkosana yamaNgisi uHarry ethembise isithandwa sakhe uMeghan Markle umshado.

Lezi zithandani - ezabonakala okokuqala ngqa emphakathini zindawonye ngoSepthemba nonyaka - kubikwa ukuthi zithembisene umshado ngasekuqaleni kwale nyanga, ngokusho kwesimemezelo seKensington Palace kuTwitter ngoMsombuluko.

Ngokwesimemezelo esisemthethweni, uHarry noMeghan kulungiselelwa ukuba bashade ngo-2018.

Lezi zithandani zithole isibusiso kwiNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth kanjalo nakubazali baMeghan.

Abazali bale ntokazi bazwakalise ukuthi bafisela lezi zithandani "injabulo engunaphakade futhi bajabule ngokushada kwabo".

Abantu bababele kuTwitter bezwakalisa ukuhalalisela lezi zithandani:

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...