Inkantolo ivune ofuna 'ukuzizalela abazukulu bakhe'

2016-07-02 09:06

London - Owesifazane oneminyaka engu-60 ubudala uphume phambili ecaleni lokuthola imvume yokusebenzisa amaqanda endodakazi yakhe engasekho ukuze azale abazukulu bakhe.

Lo wesifazane wase-United Kingdom sekuphele iminyaka emihlanu elwela ukuthola amaqanda alondolozwa yindodakazi yakhe engasekho emhlabeni.

Indodakazi yakhe, 28, yabulawa wumdlavuza ngo-2011 kanti isifiso sayo sokugcina kwakungukuthi umama wayo asebenzise amaqanda ayo ukuze athole abazukulu.

OLUNYE UDABA: Ona-65 ubusiswe ngamawele amane

Ngokusho kweDaily Mail, lo wesifazane nomyeni wakhe base bethatha izinyathelo zomthetho ngemuva kokunqatshelwa ukuba basebenzise amaqanda endodakazi yabo njengokwesifiso sayo.

IHuman Fertilisation and Embryology Authority (HFEA) yathi laba abanalo ilungelo lokuthola la maqanda ngoba indodakazi yabo ayizange isibhale phansi isifiso sayo ngaphambi kokuthi ishone.

Nokho inkantolo yokudluliswa kwamacala ivune lesi salukazi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...