Inkantolo ithi ingane, 11, yalala nowesilisa, 28, bevumelene

2017-10-01 08:37

Paris – Abashushisi baseFrance sebenqume ukuthi ucansi olwaluphakathi kwengane eneminyaka engu-11 ubudala kanye nendoda enengu-28, balwenza bevumelene.

Lesi sinqumo sesiqubule imvunge kulona lonke leliya lizwe, kubika i-Independent.

Le ndoda izobhekana necala lokunukubeza ingane ngokocansi kuphela – okuyicala elinesigwebo seminyaka emihlanu nje vo ejele – esikhundleni secala lokudlwengula, ngoba kuthiwa akazange aziphoqelele ekulaleni nale ngane.

OLUNYE UDABA: Uphume phambili ecaleni umama owalala nomfana, 14

Kuthiwa le ngane yavuma ukulandela le ndoda kuyiwa ekhaya layo besuka epaki eliseMontmagny, enyakatho yeParis. Kuthiwa le ndoda yatshela le ngane ukuthi izoyifundisa ukuthi kuqatshulwa kanjani, kepha esikhundleni salokho yalala nayo.

Umndeni wale ngane uthi le ngane yashaqeka ngenxa yokwesaba yangakwazi ukuzilwela.

"Ingane yacabanga ukuthi vele sekwenzekile yangazilwela, yavele yavumela le ndoda yazenzela umathanda kuyona kepha yangatshengisa mizwa,” kusho umama wengane.

E-United Kingdom kuthathwa njengokudlwengula ukulala nengane eneminyaka engaphansi kuka-16 ubudala.

 

 

 

 

 

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...