Inkantolo inqabile ukuphasisa umthetho wokuhushulwa kwezisu

2016-06-30 12:29

Mexico City – INkantolo eNkulu eMexico isichithile isiphakamiso sokuthi kwenziwe kube semthethweni ukuhushulwa kwezisu, kusho umbiko.

Le nkantolo ibe isigqugquzela ukuthi kuphinde kube nenkulumompikiswano ngalolu daba kuleli lizwe elingelesibili ngesibalo samaKhatholika emhlabeni.

Amajaji avotele ukuba ungaphasiswa umthetho wokuthi kube semthethweni ukuhushulwa kwezisu kuleliya lizwe.

OLUNYE UDABA: Inqatshelwe ukuhushula isisu ingane eyadlwengulwa

Yize kuvumelekile ukukhipha izisu enhlokodolobha yezwe uma ozithwele engaphansi kwezinyanga ezintathu, akuvunyelwe kwezinye izingxenye zezwe.

Ukuhushulwa kwezisu kuvunyelwa kuphela uma okhulelwe esengcupheni yokushona.

Abakhipha izisu ngenkani bangagwetshwa iminyaka efinyelela kwemihlanu besejele.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...