Inkantolo igwebe abase-Iraq abadlwengula owaseGermany

2017-03-03 12:30

Vienna – Inkantolo yase-Austria ibathole benecala abesilisa abangu-8 base-Iraq ngokudlwengula isivakashi saseGermany.

Abasolwa bagwetshwe iminyaka ephakathi kwengu-9 kuya kwengu-13 bebhadla ejele.

Inkantolo ngoLwesine ilichithile icala ebelibhekene nomsolwa wesishayalolunye.

Isitatimende esikhishwe yinkantolo sithe isisulu – okungowesifazane, 28, owadlwengulwa ngosuku olwandulela olukaNcibijane – sinxeshezelwe ngo-€25 000.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulaw aingane,8, namalungu omndeni

Isitatimende sithi abashushisi kanye nabameli babamangalelwa bafake isicelo sokuphikisana nesinqumo.

Laba base-Iraq bafika e-Austria bezofuna indawo yokuhla phakathi kwenyanga kaMeyi noDisemba 2015.

Ngokuhamba kwesikhathi, bobahlanu abasolwa banikezwa imvume yokuba bahlale kuleli lizwe.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...