Ingane idubule umama wayo okhulelwe ngesibhamu sikayise

2018-04-21 14:30

Ingane yentombazane eneminyaka emithathu ubudala idubule umama wayo okhulelwe ngephutha ngemuva kokuthola isibhamu sikababa wayo kanti sinezinhlamvu, kusho amaphoyisa.

UShanique Thomas kubikwa ukuthi ubehlezi esihlalweni esiphambili emotweni ngaphandle kwezitolo eMerrillville, e-Indiana, okuyidolobha elincane elingaseningizimu yeChicago, ngesikhathi edutshulwa esiphangeni, ngokusho kwezikhulu zaseLake County Sheriff.

"Igazi beligobhoza lize liyofika esiswini – kungathi ngamanzi,” kusho uHadassah Zirkle, osebenza esitolo esiseduzane nalapho kwenzeka khona isigameko.

Uthi kungene umuntu esitolo asebenza kuso wamazisa ngowesifazane owophayo.

OLUNYE UDABA: Ingane, 2, idubule umfowabo omncane ebusweni

Utshele i-NBC Chicago ukuthi uthathe izingane wazingenisa esitolo ukuze zingamboni umama wazo ngenxa yokuthi ubopha kakhulu.

Le ngane “ibingazi nokuthi isidale umonakalo futhi ibibukeka ithukile”, kusho uDetective Sergeant James Bogner, okhulumela amaphoyisa.

Lo mama uphuthunyiswe esibhedlela sendawo ngaphambi kokudluliselwa kwesiseChicago, lapho okubikwa ukuthi usesimweni esibucayi kodwa esethembisayo khona.

Abezindaba babike ukuthi kukholakala ukuba lo wesifazane, 21, unezinyanga eziyisithupha ekhulelwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...