Ingane idubule ezinye enkulisa

2017-09-29 11:04

Chicago – Izingane ezimbili zingeniswe esibhedlela zisesimeni esibucayi ngemuva kokuba enye izidubule ngesibhamu ebesigcwele izinhlamvu enkulisa esesifundeni saseMichigan, eMelika.

Isimo sezingane ezineminyaka emithathu ubudala kubikwa ukuthi sibucayi kakhulu manje, kusho amaphoyisa ngoLwesine ngesikhathi esaqhubeka nophenyo.

Isigameko sokudubula ngephutha senzeke ngoLwesithathu emzini owaphendulwa inkulisa oseDetroit eDearborn ngemuva kokuba ingane ithathe isibhamu esigcwele izinhamvu.

Enye yezingane idubuleke ehlombe kanti kulindeleke ukuba yelulame ngokugcwele, kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa ushayasibhamu evulela ngenhlamvu esontweni

Amaphoyisa awazange enabe ngemininingwane ngesimo sengane yesibili.

"Amaphoyisa aseDearborn akhulume nabathintekayo kulolu daba, kanti manje asemaphethelweni ophenyo,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.

"Abaphenyi bazohlala (nabashushisi) ukuze kuthathwe isinqumo mayelana nokuthi kumele kuvulwe icala yini.”

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...