Indodakazi yabulala uyise ngoba eyiphethe ngesandla sensimbi, elawulana

2018-01-11 16:00

London – Isaguga seBhrithani kuthiwa sabulawa saphinde sangcwatshwa yindodakazi yaso engadini ngenxa yokuthi ‘sasilawulana kakhulu’ futhi sihlambazalaza, ngokwemibiko yangoLwesitahthu ebusuku.

Amaphoyisa aqalise uphenyo ngemuva kokuba uBarbara Coombes, 63, enikele esiteshini samaphoyisa, wayosho ukuthi wabulala uyise uKenneth ngoba lalungafakwa, wabe enolaka futhi ethanda ukubukisa ngaye.

Lona wesifazane uboshiwe ngezinsolo zokubulala kanti namaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kutholakale isidumbu engadini emzini oseStockport, eGreater Manchester.

NgoLwesithathu lowo owayengumyeni kaCoombes, uBill, 63, odalule ukuthi unesifo somdlavuza wesisu uCoombes.

OLUNYE UDABA: Kushone izingane ezine kusha umuzi

UMnu Coombes, owayengumakhi, onendodakazi noBarbara Coombes, u-Islay, 29, utshele iMailOnline ukuthi umufi uyamazi naye ukuthi wayengumuntu onesandla sensimbi kwesinye isikhathi.

Uthi amaphoyisa amtshele ukuthi umufi kungenzeka ukuba wabulawa eminyakeni engu-12 eyedlule. Kungenzeka ukuba wayeneminyaka engu-87 ubudala ngesikhathi eshona ngo-2005.

Ezinye izihlobo nazo zimchaze lona owayeyisosha ngengomuntu owayenekhanda eliqinile enjalo nje.

UBarbara Coombes ugcinwe esitokisini ngoLwesithathu ebusuku.

-Daily Mail

- Daily Mail

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...