Indoda ivuke umbhejazane yabhokoda abantu ngommese
2018-02-12 09:31
Beijing – Owesilisa obebambe igqubu elithize ubulale owesifazane wase elimaza abanye abantu abangu-12 ngesikhathi ehlasela ngommese eBeijing ngeSonto, kusho umbiko.
Lesi sigameko senzeke enxanxatheleni yezitolo esenkabeni yenhlokodolobha laseChina ngaphambi kokuba amaphoyisa abambe umhlaseli, ngokusho kwezikhulu.
OLUNYE UDABA: Indoda igwaze izingane ezingu-7 ngasesikoleni
Amadoda amathathu nabesifazane abayishumi balimalile, kwathi esinye isisulu sashonela esibhedlela ngokuhamba kwesikhathi.
Akekho olimale kabi kulezi ezinye izisulu, kusho amaphoyisa.
Izigameko zodlame oluhambisana nesihluku azivamile eBeijing, okuyidolobha elihlezi liqashwe ngamaphoyisa.
- AFP