Indoda isola umukhwe wayo ngokusizakala ngokusaba kwayo upopayi

2017-12-23 12:11

New York — Owesilisa ohlala eNew York City, othi uwesaba ngokweqile upopayi owaziwa ngoTasmanian Devil, uthi umukhwe wakhe usemsabise kaningi ngokugqoka izinwele zokufakelwa ezifana nalo popayi.

Umbiko weNew York Post uthi uYunes Doleh ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokwephula imibandela yesivimbezelo esafakwa wumkhwenyana wakwakhe, uMazen Dayem.

Le ndoda eneminyaka engu-36 ubudala ithi uDoleh wayelokhu eyichukuluza emngcwabeni ngokuvayizisa lezi zinwele zokufakelwa enza nemisindo eyenziwa yilo popayi awusabayo.

OLUNYE UDABA: Ushaye umukhwe ngesitini obefuna umkakhe ngodli

UDayem uthi kusukela esemncane wayewusaba lo popayi engafuni nokuwubuka kumabonakude.

Uthi ngesizathu salokho, umukhwe wakhe usesizakele ngakho njalo uma behlangana umsabisa ngawo.

UDayem wafaka incwadi yesivimbezelo ngoSepthemba kulandela ukuhilizisana noDoleh esitolo sokudlela. Ummeli kaDoleh uthi leli cala limayelana "nokungezwani komndeni".

UDoleh ubhekene necala lokwephula umbandela wesivimbezelo kanye nokuhlukumeza ngokweqile.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...