Indoda iqobe owabulala uyise wabayizicubu ezingu-12

2015-12-23 16:59

New Delhi - Indoda yendoda yaseNdiya eyabulawa ivumile ukubulala umbulali kayise yase imuqoba waba yizicucu ezingu-12, ibala iminyaka esiphelile selokhu kwashona uyise, kubika abezindaba ngoLwesibili.

U-Alam Khan wayeneminyaka engu-12 ubudala ngesikhathi uyise ebulawa ngumngani womndeni ngonyaka wango-2003.

UKhan kudala ahlela ukuziphindiselela kule ndoda eyabulala uyise.

UKhan ubulale le ndoda ngesonto eledlule ngesikhathi ecele ukuba imvakashele kuzophuzwa ezikaFaro.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izicubu zomfana obulawe yingwenya

Ngemuva kokuba uMohammad Rais esephuze kakhulu utshwala emzini kaKhan ose-Utter Pradesh, uKhan wamubhokoda ngommese washona ngaphambi kokumenza izicici esebenzisa isando nesaha ukumsika, kusho uKhan etshela abezindaba ngoMsombuluko eseboshiwe.

UKhan nowayemlekelela bathatha izicubu zale ndoda bazifaka koplastiki base bezilahla emfuleni.

Ngesikhathi oplastiki bemuka namanzi , amaphoyisa akwazi ukubona ukuthi nguRais ngoba wayenesibazi somthungo esifubeni.

UKhan waboshwa ngemuva kokuzwakala ngesigameko sikaRais owagcina ukubokala emzini wakhe futhi naye esezivumele ngowakhe ukuthi wabulala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...