Indoda ingene esikoleni yagenca izingane ngocelemba

2017-12-01 19:33

Kano - Kubulalwe izingane ezintathu kwathi uthisha walimala ngesikhathi indoda ebihlome ngocelemba ingena nezicabha esikoleni samabanga aphansi esisenyakatho-mpumalanga yeNigeria, kusho izakhamuzi ezimbili zikhuluma nabe-AFP ngoLwesine.

Lesi sigameko sokuhlasela senzeke ngabo-09:30 ngesikhathi sekhefu eJafi Primary School, eKwaya Kusar, eningizimu-ntshonalanga yeBorno State.

UKasimu Ibrahim, ohlala eduzane nalesi sikole, uthe umhlaseli - abamchaze njengoseminyakeni eko-30 ubudala - ungene waqonda ngqo ngasenkulisa yesikole.

"Ungene egumbini lokufundela wahlasela abafundi. Ube esegenca abafana ababili ngocelemba bashona. Lezi zingane zibalelwa eminyakeni yobudala ephakathi kweyisihlanu nesikhombisa," esho etshela i-AFP ngocingo.

OLUNYE UDABA: Indoda 'ibulale' intombi ngocelemba

Isisulu sesithathu - okube yingane yentombazane eneminyaka engu-8 ubudala - sishonele endleleni siphuthunyiswa esibhedlela esiseGome, kusho u-Ibrahim.

Uthisha ukwazile ukuhlaba umkhosi ngemuva kokuba umhlaseli ezame ukumgenca izandla, wakwazi ukwehlula le ndoda ngamandla.

UHabibu Suleiman, naye owakhelene nalesi sikole, uthe uphuthume endaweni yesigameko ngesikhathi ezwa kukhala i-alamu.

Bobabili bananele ngokuthi amaphoyisa abe esebopha umhlaseli ase emyisa esibhedlela, lapho engaphansi kweso lamaphoyisa khona.


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...