Indida kutholakala indoda ishonile eduze kwenyoka ebiyifuyile

2017-09-28 19:30

Hampshire – Amaphoyisa aqhuba uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi ngabe owesilisa waseHampshire, eNgilandi, ubulawe yinhlwathi abeyifuyile noma cha, kulandela ukutholakala eshonile.

Isidumbu sikaDaniel Brandon satholakala emzini wakhe ngomhlaka-25 Agasti silimele kabi.

Kubikwa ukuthi enye yezinyoka abezifuyile - okuyinhlwathi – itholakale eduze kwesidumbu sakhe.

UBrandon, 31, odabuka eChurch Crookham kuthiwa ubenamava ekuhlalisaneni nezilwane futhi ubesebenza ngazo.

Amaphoyisa athi okwamanje awasoli lutho ngokushona kwakhe.

Ukuhlolwa kwesidumbu sakhe kutshengisa ukuthi uBrandon ushone ngenxa yokunklinywa kanti inyoka yakhe nayo izoba yingxenye yophenyo mayelana nokushona kukamufi.

OLUNYE UDABA: Kuvumbuke inhlwathi ethoyilethi lasendlini

Kuthiwa le nyoka itholakale ifofobele eduze kwesidumbu sale ndoda.

Emakhasini kaBrandon ezinkundleni zokuxhumana kunezithombe eziningi eshuthe nezilwane ezahlukene, okubalwa noholokoqo lwenhlwathi.

Izinhlwathi zibulala ngokuzithandela "ekudleni" kwazo bese ziyakuboqoza kuze kuphele amandla, kepha azijwayele ukubulala abantu.

Okhulumela iHampshire Reptile Rescue uthe: “Akukaze kube nesigameko lapho inhlwathi ibulala khona umuntu eBrithani, izinhlwathi zibulala ‘ukudla’ kwazo kuphela.”

Omunye wabangani bakamufi uthe uBrandon ubezifela ngezinyoka, izicabucabu, izinyoni kanye nazo zonke izilwane zasendle.

- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...