IMelika idedele inkunzimalanga yebhomu igadla kwelase-Afghanistan

2017-04-14 12:37

Durban - IMelika idedele ibhomu lohlobo lwe-GBU-43 nokuyibhomu okukholakala ukuthi lingelikhulukazi emabhomini ake asetshenziswa ukuhlasela ezweni lase-Afghanistan ngoLwesine.

Lokhu kuvezwe wuphiko lwamavikela mbuso lapho kuvezwe ukuthi iMelika iyaqala ukudedela ibhomu elikhulu kangaka kulezi zimpi.

Leli bhomu lidedelwe esifundazweni saseNangarhar nokuyindawo eseduze nebhoda yasePakistan, kubika iReuters.

OLUNYE UDABA:Kulimale 6 kuqhuma ibhomu lesandla eKapa

Leli bhomu elaziwa njengenkunzimalanga yamabhomu inesisindo sika-9,797 kg, kanti kuthiwa lagcina ukuhlolelwa ukusbenza ngoMashi 2003 ngezinsuku ezimbalwa ngaphambi kwempi yase-Iraq.

UJenene uJohn Nicholson, oyinhloko yamabutho aseMelika e-Afghanistan, uthe leli bhomu belibhekiswe kulabo abangamadela kufa babaMuzilemu e-Afghanistani abadume ngele-ISIS-K.

“Lesi yisona sikhali esifanelekile ukususa endleleni iziphazamisi futhi siqinise amandla ethu okulwa ne-ISIS-K,” kusho uNicholson.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...