Ihlasele umndeni indoda ebizibhixe ngamafutha, inqunu

2018-02-08 10:59

Pennsylvania - Indoda, 19, yasePennsylvanis isobishini ngemuva kokuba ihlasele umndeni wayo yagoloza nokuboshwa, kusho amaphoyisa.

Kubikwa ukuthi le ndoda ibinqunu izibhixe ngamafutha ngesikhathi inqaba ukuboshwa.

I-The Tribune Review ithi kuhoxiswe amacala ambalwa abebekwe umsolwa, okubalwa kuwo elokushaya nelobushokobezi ngemuva kokuba izisulu zinqabile ukuvulela umsolwa amacala ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:Umama ugwaze wabulala izingane zakhe

Amaphoyisa athe uLonnie Beatty waphanjanelwa yikhanda ngomhlaka-16 Januwari washaya abantu besimame ababili abayizihlobo zakhe nezingane zabo.

Amaphoyisa athi wacekela phansi umuzi oseNorth Apollo, ngaleso sikhathi izisulu zazicashe endlini encane.

Inja yomndeni yaluma uBeatty izama ukuvikela umndeni, kuqhuba umbiko.

Ngesikhathi amaphoyisa efika athi uBeatty wayenqunu, egqoke amasokisi kuphela ezibhixe ngamafutha umzimba wonke.

UBeatty wadutshulwa ngenhlamvu yenjoloba ngemuva kokunqaba ukuboshwa. Ayikho imibiko evela kubameli mayelana nalolu daba.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...