Igwetshiwe intombazane eyayihlela ukuqhumisa izikole ngamabhomu

2017-11-29 07:21

Copenhagen – Ingane eneminyaka engu-17 ubudala yaseDenmark eyanikela impilo yayo ukulwela i-Islamic State igwetshwe iminyaka engu-8 ibhadla ejele ngoMsombuluko.

Le ntombazane yaboshwa ngecala lokuhlela ukuhlasela ngebhomu izikole ezimbili, esinye sazo okungesamaJuda.

Inkantolo ngoLwesihlanu olwedlule yayilahla ngecala intombazane – eyayineminyaka engu-16 ubudala ngesikhathi sesigameko.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ongasukumanga kusulwa iculo lesizwe

Inkantolo yesifunda phambilini yagweba le ntombazane iminyaka eyisithupha ibhadla ejele.

Intombazane yaboshwa ikubo ngoJanuwari ngonyaka odlule, yathweswa icala lokuhlela ukuhlasela ngemuva kokuthola ngandlela thize amakhemikhali okwenza amabhomu.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...