IChina ihamba phambili ngokubulawa kwabantu ngesigwebo sentambo

2017-04-11 12:30

Beijing – Ezweni iChina kubulawe abantu abaningi ngonyaka ka-2016 ukudlula wonke amanye amazwe esehlanganisiwe, phezu kokuthi izigwebo zentambo zinciphile emhlabeni wonke. kusho abe-Amnesty International ngoLwesibili.

Le nhlangano yamalungelo abantu ixwayise ngokuthi lesi sikhondlakhondla sezwe elisezwenikazi i-Asia sibulale “izinkulungwane” zabantu, nokuyisibalo esincike ekuhlolweni kwezibalo zasenkantolo kanye nemibiko yabezindaba.

Wonke amanye amazwe esehlanganisiwe abulale okungenani abantu abangu-1 032 ngonyaka odlule – ukwehla ngo-37% uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2015. Kulezo zigameko, u-87% wenzeke emazweni amane – nokuyi-Iran, Saudi Arabia, Iraq kanye nePakistan.

OLUNYE UDABA: Akubuyiswe isigwebo sentambo - Mbalula

Umbiko we-Amnesty uthole ukuthi amakhulu ezigameko ezigwebo zentambo, okuhlanganiswa namacala abandakanya abokufika, azizange zifakwe emiqingqweni yezinqumo zasenkantolo zaseChina, nokwakha isithombe sokuthi bekuyimizamo yokufihlwa kwesibalo esiphezulu salezi zigameko zokubulala ngentambo.

Iqembu elibusayo eChina, okuyiCommunist Party, lithatha ngokuthi siyimfihlo isibalo sabantu asebeshonile.

OnguMqondisi we-Amnesty East Asia, uNicholas Bequelin, uthi iChina yilo kuphela izwe elenza kube yimfihlo kangaka ukubulawa kwabantu ngezigwebo zentambo.

Usola ukuthi isizathu salokhu kungenzeka ukuthi yisibalo esiphezulu sezigwebo zentambo nobangafuni ukuthi kubone umhlaba wonke. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...