Ibulewe intombazane ebisabisa indoda ngokuyibizela amaphoyisa

2017-11-30 10:59

Houston - Iziphathimandla zithi indoda yaseHouston okwabikwa ukuthi yadubula yabulala ingane, 14, icabanga ukuthi yisigebengu, isibekwe icala lokubulala intombazane.

Kuthiwa ibulale le ntombazane ngoba izama ukuyinqanda ekutheni ingazidaluli izimfihlo zokuzitika nayo ngokocansi.

Imiqulu yenkantolo iHarris County itshengisa ukuthi u-Anthony Valle, 43, uboshwe ngoLwesithathu ngecala lokubulala.

Abaseshi bathi uValle washayela amaphoyisa ucingo ngomhlaka-20 Julayi ebika ngokugqekezelwa nokuthi udubule isigebengu.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa lidubule ngephutha uzakwabo besemsebenzini

Isidumbu sikaLayla Ann Ramos satholwa endlini kaValle.

Ngemuva kwesikhashana abaseshi bathola ukuthi uValle noRamos bebenobudlelwano nokuthi uRamos wasabisa uValle ngokubikela amaphoyisa ngokuzibandakanya kwabo ocansini nokudla izidakamizwa.

UValle oboshwe ngoLwesibili kanti ubengakamtholi ummeli.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...