Iboshiwe inja elume usana olunezinsuku luzelwe, lwashona

2018-03-08 16:00

Virginia - Izisebenzi zaseLee County Animal Control zinqume ukuyibopha inja edwengule usana olunezinsuku eziyisishiyagalombili luzelwe yalubulala likubo eVirginia, eMelika.

Imibiko itshengisa ukuthi belingekho icala elisavuliwe okwamanje kanti negama lengane belingakakhishwa, kubika iPunch.

USheriff Gary Parsons waseLee County uthe le nja kulindeleke ukuba ibulawe ngokuhamba kwesikhathi kepha okwamanje isavalelwe.

OLUNYE UDABA: Idliwe yizinja ingane ezalwe yashiywa ngunina

“Maningi amathuba okuthi le nja ibulawe kepha okwamanje isaboshiwe njengoba kuqhubeka uphenyo," kusho uParsons.

Le ngane ilimale kabi ngenhla emzimbeni kanti igcine ngokushonela eKnoxville Medical Center.

Iqale yaphuthunyiswa eLonesome Pine Hospital ngemuva kwesehlakalo, yabe isidluliselwa eHolston Valley Medical Center kwayima idlulela e-UT Medical Center, eKnoxville, lapho okufike kwayenela khona.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...