Iboshiwe indoda eyagwaza abazali yaliwe intombi

2018-04-03 19:30

California - Indoda eyayiphatheke kabi ngokwaliwa yintombi yayo yakhiphela isibhongo sayo kubazali bayo.

Omakhelwane babizela amaphoyisa endaweni yeisgameko ngemuva kokubona indoda, uYihong Peng, 30, waseSun Juan Capistrano, eCalifornia, egijima nommese emgwaqeni.

Ngesikhathi amaphoyisa ase-Orange County efika endaweni yeisgameko, afica le ndoda ibaleka. Yaboshwa ngemuva kwesikhashana ijahwa ngamaphoyisa ngonyawo.

OLUNYE UDABA:Owaliwe ubulale intombi nomfowabo

Amaphoyisa abe esethola ukuthi uPeng ugwaze abazali bakhe, umama wakhe uWei Ping Shen, 59, washonela endaweni yeisgameko.

Ubaba wale ndoda, uGoujun, 59, waphuthunyiswa esibhedlela esesimeni esibucayi. Ubaba kulindeleke ukuba asinde.

UPeng ugcinwe ejele ngecala lokubulala nokuzama ukubulala.

 - wwww

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...