Ibone kabi indoda eqabule inyoka

2017-05-18 19:30

New York – Owesilisa wasePutnam County, eNew York, eMelika, uthole abengakulindele ngesikhathi ethi uqabula inyoka kanti izomgwijela imlume ilimi, kusho omakhelwane betshela abezindaba ze-Action News Jax.

URon Reinold kudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane ebangwa nezibi ngemuva kokulunywa yile nyoka ngoLwesibili.

Le nyoka yohlobo lwe-rattlesnake ivame kakhulu eMelika kanti ubuthi bayo buyingozi.

Umndeni uthi uReinold uqhuba kahle kakhulu esibhedlela kanti banethemba lokuthi uzolulama ngokushesha.

Ngelanga lesigameko, kuthiwa uReinod wafica omakhelwane bakhe bedlala nale nyoka, wabe esesondela kuyona wayithatha ngesinqandu kanti izomjikela imlume.

UCharles Golf uthi nguye owathola le nyoka wabe eseyayigcina.

“Ngazitholela le nyoka ngase ngiyifaka esitsheni. Ngathi uma ngivuka ekuseni ngabathola bedlala nayo. Ngezwa omunye wabo ethi uzoyiqabula le nyoka, yabe isimluma kanjalo,” kulandisa uGolf.

UGoff uthi uReinold waba budedengu kwasekuqaleni ngokuthi adlale nale nyoka aze acabange nokuyiqabula.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...