Ibhungu livume icala lokubulala nelokudlwengula intombazanyana

2017-12-13 07:00

Salt Lake City – Ibhungu elineminyaka eng-18 ubudala livume icala lokudlwengula nelokubulala elenzeka ngo-2015.

Leli bhungu kuthiwa laluthela intombazane eneminyaka engu-12 ubudala emzini wakubo ngemuva kokuyitshela ngekati elilahlekile.

UJayden Matthew Sterzer ulivumile icala lokudlwengula enkantolo yezingane ngoMsombuluko.

Wayeneminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi amaphoyisa ethi waklinya uKailey Vijil wamshiya emadlelweni.

OLUNYE UDABA: Abantu abangaziwa bavulele ngenhlamvu emngcwabeni, kwashona ababili

USterzer kulindeleke alivume necala lokubulala enkantolo yabantu abadala njengoba kwenziwe isivumelwano sokuba uzogcinwa ejele lezingane aze ahlanganise iminyaka engu-21 ubudala.

I-Associated Press phambilini yayingalisho igama lomsolwa ngenxa yokuthi wayesayingane futhi icala lakhe lalisenkantolo yezingane.

Kugcine kutholakale ukuthi ukulungele ukuba abhekane namacala akhe ngemuva kokwelashelwa isifo somqondo esingadalulwanga.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...