Ibhungu litholakale liphethe ikhanda likanina

2017-03-08 11:01

Miami – Kuboshwe ibhungu laseMelika ngezinsolo zokunquma unina ikhanda ngommese wasebhusha, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Iziphathimandla zithole u-Oliver Funes, 18, ngoMsombuluko ephambi komuzi wakubo endaweni yaseNorth Carolina ephethe ikhanda likanina, 35, kanye nommese.

"Bekunyantisa igazi endaweni yesigameko. Amaphoyisa afike (umsolwa) ephethe ikhandla ngesandla, bekwethusa kakhulu,” kusho okhulumela amaphoyisa aseFranklin County, uKent Winstead.

Isidumbu sikanina, uYesenia Funes, sitholakale endlini.

OLUNYE UDABA: Kushone 9 kuphahlazeka indiza

Amantombazane amabili amancane, eneminyaka emibili nenye eneminyaka emithathu ubudala, abesendlini kodwa kubukeka esesimeni esihle, kuqhuba uWinstead.

Isigameko senzeke endaweni encane yaseZebulon ngasenhlokodolobha iRaleigh kanti nguFunes qobo lwakhe othinte iziphathimandla ngemuva kokubulala unina.

Ibhungu alizange lilwisane namaphoyisa ngesikhathi liboshwa kanti lithweswe icala lokubulala.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...