I-Italy ixoshe abantu abangu-40 baseNigeria 'ngenxa yobugebengu'

2017-04-05 14:03

Cape Town – Balinganiselwa ku-40 abantu baseNigeria ababuyiselwe ezweni labo ngezinsolo zokubandakanyeka ezenzweni zobugebengu.

Ngokwemibiko ye-Woleshadare.net, usomlomo wamaphoyisa aseLagos uCommander Joseph Alabi uqinisekise ukubuyiswa kwalaba bantu.

"Abantu abangu-39 basolwa ngokwenza ubugebengu bokungena kuleliya lizwe kanti oyedwa ubebandakanyeka kwesokushushumbisa izidakamizwa," kusho u-Alabi.

OLUNYE UDABA:I-Nigeria igxeke ukuhlaselwa kwabokufika

Laba bamukelwe ngamaphoyisa ophiko lwe-Nigerian Immigration Service,  nophikol lwe-National Agency for the Prohibition of Trafficking.

Ngokombiko ovela kuleli lizwe, bayizinkulungwane abantu baseNigeria abafudukela kwelase-Italy befuna amadlelo aluhlaza.

Akusibona bonke abaphumelelayo ukungeniswa ngokusemthethweni ezweni nokuyinto eyenza abanye bazame izindlela zokungena ngomgunyathi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...