"Bukisani izingane amafilimu ocansi"

2016-10-12 19:29

London - Umethuli wohlelo iWoman's Hour uJenni Murray uthe izingane ezisakhula kufanele zitshengiswe amafilimu ocansi ezikoleni mase ziyawahlaziya njengoba zihlezi zenza uma zifunda incwadi kaJane Austine.

Lo msakazi uthe izingane kufanele zibuke la ma-vidoe ndawonye ekilasini ngaphambi kokuwadingida nothisa.

Uphinde wathi ufuna izifundo zocansi zinikwe igama elisha, zibizwe nge-Gender Studies ukuze abazali bezovuma ukuba izingane zabo zibe yingxenye yalesi sifundo.

OLUNYE UDABA: Inhlangano isiqalile futhi ukuqopha amafilimu ocansi

UJenni usho kanje ngemuva kokubuzwa ngokuthi kungalwisana kanjani nenkinga yokudlanga kwamafilimu ocansi agcwele kwi-internet- wathi ushintsho emfundweni luyadingeka ukuze kuzobhekwana nale nkinga.

Izingane kufanele zinikwe ithuba lokudingida ezikubonile ukuze zizobona ukuthi abantu besifazane abajwayelekile abaziphathi njengalabo abavezwa kulama filimu.

Amantombazane azibandakanya ocansini ngenhloso yokujabulisa abafana. 

Lo methuli uphinde wathi kufanele ilungiswe indaba yokufundiswa kwezingana ngamaqiniso empilo ezikoleni.

 - Daily Mail

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...