BUKA: Usongelwe ngokufa ochamele ifulegi lezwe

2017-07-07 14:00

Phildelphia -  Usesongelwe ngokubulawa owesifazane wasePennsylvania ngemuva kokusabalalisa ivideo emveza echamela ifulegi laseMelika.

U-Emily Lance wasePhiladelphia, ucele umngani wakhe ukuba aqophe i-video ngesikhathi yena echamela ifulegi ethoyilethi esebenzisa iGoGirl (okuyinto esetshenziswa abesifazane uma befuna ukuchama bemile njengamadoda).

Le video ube eseyifaka enkundleni yezokuxhumana uFacebook iphelezelwa yimibhalo ethuka izwe kanye nefulegi.

Le video evuse izinkulumo, isabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, izinkulungwane zabantu zimgxeka lo wesifazane ngokungalihlophi izwe kanye nefulegi.

Abanye abantu bamsabise ngokumbulala, bethi bazomnquma uqhoqhoqho noma bamuthumelele ngezinkabi.

Video:

 - Dailymail

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...