Buka: Usobishini umfundisi ophendule isonto 'i-disco'

2018-01-24 17:59

Manila - Kuphenywa umfundisi webandla lamaRoma ePhilippi ngemuva kokubonakala kwi-video edansa phambi kwepulpiti esontweni elisenyakatho nesifundazwe, kusho iziphathimandla ngoLwesithathu.

Kule video, uFata Wilfredo Lucas, webandla iSan Miguel Archangel Parish edolobheni iPlaridel, enyakatho yeManila, ubonakale edansa phambi kwepulpiti kukhanya amalambu ahlukahlukene ngemibala.

Ngokusho kwabezindaba ukudansa kwakhe bekuyingxenye yokugubha usuku lwakhe lokuzalwa.

Kubikwe ukuthi uLucas utshengise ukuzisola ngesigameko kulandela izikhalo zabazalwane waze wakhuluma nomunye wabefundisi njengengxenye yophenyo.

Izakhamuzi zikhale ngokuthi isonto akufanele lisetshenziselwe imicimbi efana nalo obuwenziwe nguLucas.

Ngokwezikhangiso esisemgwaqeni, lo mfundisi uzokwenza iphathi yeValentines Day ngomhlaka-10 Febhuwari phakathi esontweni.


  -IVIDEO:

- DPA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...