BUKA: Usinde ngokulambisa umfana ocishe washaywa ngumbani

2017-10-28 13:07

Cape Town – Usinde ngokulambisa umfanyana wase-Argentina okusale kancane ukuba ashaywe ngumbani edlala emvuleni – nokuyisikhumbuzo sobungozi bombani njengoba kulindeleke ukuduma kwezulu eNingizimu Afrika.

Ngokusho kombiko weNew York Post, umama walo mfana wayeqopha i-video yalo mfana edlala emvuleni ngesikhathi kubanika ngemuva kwakhe, kwahlakazeka uthango.

“Ngazama ukusabalalisa le video ngoba ngifuna ukuqwashisa abantu ngokuthi isimo sezulu sesiguquke kakhulu futhi kumele baqaphele. Abantu kumele bakuqonde ukuthi umbani uyingozi ngakho kumele izingane sihlezi siziqaphile.

“Kuyingozi ukuthi zibukele umabonakude noma zidlale ama-TV games uma kuduma,” esho.

Kuthiwa kube nokuduma kwezulu ePosadas lapho okwaqoshwa khona le video, kwashona izelamani ezimbili kanye nezilwane.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...