Buka: Usehlinzwe kawu-50 ofuna ukufana no-Angelina Jolie

2017-12-01 18:01

Tehran - Owesifazane wase-Iran oneminyaka engu-22 ubudala eTehran usephenduke undabuzekwayo kulandela inqwaba yemibiko yokuthi ufuna ukufana nomlingisi wodumo waseMelika u-Angelina Jolie, kubika iSandton Chronicle.

Lona wesifazane kuthiwa uyazifela ngokubukeka njengalo mlingisi, kanti iBelgian Website ibike ukuthi usehlinzwe izikhawu ezingu-50 ngoba efuna ukufana noJolie.

Usehlinzwe ikhala, isilevu nezindebe kanti futhi usenciphile nasemzimbeni.

Kodwa eminye imithombo ikholelwa ekutheni lolu shintsho lube yimpumelelo ngosizo lwe-prosthetic neziphaqulo.

UTabar ufake enkundleni yezokuxhumana u-Instagram izithombe zakhe esefana noJolie wazitholela abalandeli abangaphezu kwabangu-300 000.

Nakuba kunjalo, akusibo bonke abalandeli abakhuluma kahle njengoba abanye bethi ufana nesipoki kanti abanye bamgxekile ngokudlala ngempilo yakhe.

 - Izithombe:

???????? ?? #?????_???????

A post shared by ????? ???? (@sahar__tabar__fan) on

 - Ivideo:

 - The Citizen

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...