BUKA: Umfana, 10, ugijimise amaphoyisa ngemoto ayebe ekhaya

2017-10-27 14:00

Cleveland, Ohio - Umfana oneminyaka eyishumi ubudala usolwa ngokweba imoto yelungu lomndeni ugijimise amaphoyisa ngoba ethi 'ubenesizungu'.

Ngokusho kweCleveland.com, lo mfana webe imoto yesoka likanina ngaphambi kokuya esikoleni. 

Umama walo mfana ube esengena emotweni yakhe wamlandela, ngaso leso sikhathi wakwazi ukucela usizo emaphoyiseni ngocingo.

Kube sekuphuma imoto yamaphoyisa ijaha lo mfana, kodwa ngesikhathi amaphoyisa ecela lo mfana ukuba aphume emgwaqeni, uvele wanikina ikhanda, wanyusa isivinini abehamba ngaso, wayishaya yazula imoto.

Kuphele ihora, amaphoyisa agcine ekwazile ukuyizungeza imoto ebihamba lo mfana.

Le moto ebihamba lo mfana ibonakale ihamba otshanini obugudle umgwaqo, ishona ivumbuka.

Kubikwe ukuthi ngokwesibili lo mfana ethatha imoto yelungu lomndeni 'ezizwisa' ngayo. 

 - IVIDEO:

 - TimesLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...