BUKA: Udokotela ekhipha ikokoroshe liphila ekhanda lowesifazane

2017-02-09 11:00

New Delhi – Abantu abaningi babaleka bazephule uma ngabe bebona ikokoroshe, ingasaphathwake uma likuhambe laze lafika ekhaleni noma emehlweni phakathi nobusuku.

Abanye bayaye baphuphe sengathi lokhu kwenzeka uma belele, kodwa kowesifazane waseNdiya kuphenduke kwaba yinto yangempela.

Lo wesifazane oneminyaka engu-42 ubudala uzwe kunento ebuhlungu emhamba ngemuva kwamehlo ngesikhathi evuka ukulaleni, ube esephuthuma emtholampilo oseduzane nalapho ebe esekhishwa khona ukucinana emakhaleni maqede wabuyiselwa ekhaya.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ushayise amalungu omndeni amahlanu ozumeke eshayela

Kodwa-ke ubuhlungu buqhubekile.

Kuze kwalamula ukuthi udokotela onguchwepheshe amhlole ngomshini emakhaleni nalapho ethola khona lezi zindaba ezishaqisayo.

“Ngibone izinyawo ezincane zihamba ngaphakathi,” udokotela onguchwepheshe wezindlebe, amakhala kanye nomphimbo esibhedlela iChennai's Stanley Medical College Hospital, utshele i-AFP ngoLwesithathu.

Kuthiwa lo dokotela uze wasebenzisa ithuluzi elisebenza samshini wokuhlanza odonsa ukungcola (vacuum cleaner) ukuze kukhishwe leli kokoroshe ebelisekhanda nebelisaphila futhi lisakhahlela.

Kuthiwa lo wesifazane usesimweni esihle kodwa “uhlazekile” ngokuthi kunekokoroshe ebeliguduza akhanda lakhe.

Buka i-video ngezansi:


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...