BUKA: Ubehluleka ukuhamba uMugabe ngemuva kokwethula inkulumo kowe-UN

2017-09-22 11:04

New York – Iminyaka isihambile kuMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe obonakale ngoLwesine ehluleka ukuhamba ngemuva kokwethula inkulumo yakhe engqungqutheleni ye-United Nations General Assembly (UNGA).

UMugabe ubonakale etotoba esuka esiteji lapho ebethula khona inkulumo yakhe.

Lokhu kwenzeka-nje ngemuva kwezinsuku ezimbili lapho ebonakale khona elele emcimbini obuhlanganisa abaholi bamazwe ngesikhathi uMengameli waseMelika uDonald Trump ethula inkulumo yakhe yokuqala selokhu athatha esobuMengameli.

OLUNYE UDABA:Mugabe ‘usuke engalele emihlanganweni, uvikela amehlo’

UMugabe, 93, uhambe ngesivivinini eyogibela esiteji eyokwethula inkulumo uyakhe kodwa kwabanzima ukwehla kwaze kwadingeka ukuba kubizwe umsizi ozomlekelela.

Iningi lezakhamuzi zaseZimbabwe ebezibuka le ngqungquthela zithi sekuyisikhathi sokuba agudluke kulesi sikhundla, kungene umuntu osemusha futhi onomdlandla.

UJacob Mafume, okhulumela iqembu iPeople’s Democratic Party, uthe uMugabe usebukisa ngabo.

"Sekumele sigebise amakhanda sifihle ubuso siyizakhamuzi zaseZimbabwe ngoba sihlulekile ukuphumuza leli khehla. Yithina futhi esilivumela ukuba lizibukanise nomhlaba ngale ndlela, lethula nezinkulumo eseziphelelwe yisikhathi. Leli khehla kumele ngabe selihleli ekhaya labadala," kusho uMafume.

Buka i-video:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...