BUKA: Owesilisa uvaleleke ngaphakathi kwi-ATM

2017-07-14 15:59

Corpus Christi - Amaphoyisa athi indoda yaseTexas evaleleke ngaphakathi emshinini wokukhipha imali i-ATM ikhiphele amakhasimende iziqephu zamaphepha icela usizo kuwo lo mshini.

Okhulumela amaphoyisa aseCorpus Christi uLt. Chris Hooper uthe le ndoda ivaleleke ngoLwesithathu ngesikhathi ishintsha izikhiye egumbini elisebhange eliphumela kwi-ATM.

Le ndoda ebishiye iselula yayo elolini yayo ibe nenkinga yokungakwazi ukuphuma.

Ibe isikhipha iziqephu zamaphepha icela usizo kumakhasimende abekhipha imali. Esinye salezi ziqephu sifundeka kanje, "ngicela usizo, ngivalekele la ngaphakathi..," ngaphambi kokunxusa abantu ukuba bayibizele ubasi wayo.

Elinye lamakhasimende libize amaphoyisa, okuyiwo ezwe izwi elisho kancane lizwakala ngaphakathi kwi-ATM.

Iphoyisa libe selikhahlela umnyango waleli gumbi, le ndoda yakwazi ukuphuma.

 - Video:

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...