BUKA: Owesilisa usindisa impilo yesalukazi kujantshi

2017-03-10 16:00

Saddle Brook – Owesifazane osekhulile obezama ukuwela ujantshi kuza isitimela usindiswe ngowesilisa ophume egijima emotweni yakhe, wazomdonsela ngaphandle kukajantshi, kusho iziphathimandla.

UJon Mango ubelinde eSaddle Brook, emgewaqeni okubuye kuwele kuwona izitimela ngesikhathi ebona owesifazane obehamba edondolozela ezama ukuwela ujantshi ngoLwesithathu ntambama, kusho amaphoyisa.

UMango uphume emotweni, wawelisa lona wesifazane obetotoba kujantshi.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ukhala ngomyeni oqambe amanga ngokungavuki kwenduku

UMango utshele iWABC-TV ukuthi owesifazane ubebukeka ethukile kanti futhi ubengakwazi ukuhamba kahle.

Amaphoyisa asincome kakhulu isenzo sikaMango, aze azisa abaqashi bakhe ngaso.

Buka i-video ngezansi:

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...