BUKA: Owesilisa ushayiswe yibhasi, wavuka wangena ejoyintini

2017-06-28 19:31

England – Ushiye abantu bemangele owesilisa othelwe othulini yibhasi ebelihamba ngesivinini esiphezulu ngesikhathi lingasalawuleki, maqede wavuka wahamba eyongena endaweni yokucima ukoma sengathi akuzange kwenzeke lutho.

Kwi-video yalesi sigameko, lo wesilisa ubonakala ezibuka ngasehlombe umzuzwana ngaphambi kokuba ashayiswe yileli bhasi ebelihamba ngesivinini. Limshayisa maqede andize bese ehuhuluza phansi eceleni komgwaqo nalapho ephinde ashaywe khona nayizingcucu ezakhekhe ngesikhathi sengozi.

Kodwa-ke okuxakile ukuthi lo mlisa uvele wavuka wayamba maqede wayongena endaweni yokucima ukoma.

OLUNYE UDABA: BUKA: Owesilisa ezidubula ngephutha kuxatshanwa emgwaqeni

Lo mlisa ohlonzwe yi-ABC News njengoSimon Smith uthole imihuzukwana nje phezu kwendlela ashayiseke ngayo.

IMenenja yePurple Turtle Bar, uStuart McNaught, itshele iThe Daily Telegraph ukuthi leli khasimende elilimele liyiswe esibhedlela ngemuva kwengozi.

“Sesimazi iminyaka engaphezu kwengu-20 uSimon. Uye esibhedlela gemuva kokubizwa kwe-ambulensi.”

IPurple Turtle ibe isibhala kuTwitter, imemezela ukuthi isakhiwo sendlu okukhona kuyo ishibhi asizange soniwe yileli bhasi ebelingasalawuleki.

Zibonele i-video yalesi sigameko esingakholakali ngezansi: 

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...