BUKA: Owesifazane obethunjiwe ephuma ebhuthini imoto ihamba

2017-03-16 19:29

Washington, D.C - Kusabalale i-video eshaqisayo etshengisa isigameko sowesifaszane waseMelika ephuma ebhuthini lemoto yomthumbi wakhe, ihamba.

Amaphoyisa athi owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala ubehamba ebheke endlini yakhe ese-Alabama ngoLwesibili ngesikhathi ehlaselwa yindoda ebihlomile.

Umsolwa ufune imali kulo wesifazane, kwathi uma ethola ukuthi lo wesifazane akanalutho wamphoqa ukuba angene ebhuthini yemoto. Le ndoda ibe isihamba ilibangise egaraji yafike yapaka khona yayongena ngaphakathi esitolo.

Ikhamrea ye-CCTV iqophe le ndoda ingena iphuma esitolo esisegaraji.

Umsolwa uzame ukusebenzisa i-ATM ngaphakathi esitolo ngaphambi kokubuyela emotweni yakhe.

Ngesikhathi le ndoda isidumisa imoto ihamba, kubonakala owesifazane ephuma ebhuthini yemoto eyinhlamvu wayoshayeka phansi.

Lo wesifazane ube esevuka ezithatha ekhipha elokugcina ijubane eyofuna usizo ngaphakathi esitolo.

Umsolwa ube esekwazi ukubaleka kodwa ikhamera ikwazile ukuthatha isithombe sobuso bakhe, kanti amaphoyisa anethemba lokuthi uzotholakala maduze. 

Lo wesifazane uthole imihuzuko ngesikhathi eqa.

IVIDEO:

- Newswatch

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...