BUKA: Kuminza abantu ezikhukhuleni ezidalwe yisishingishane uHarvey

2017-08-29 18:00

Houston -  Ithimba lamasosha kanye nethimba lezinhlekelele okuyilona eliqaphe isimo sezikhukhula endaweni yaseHouston lithi isimo namanje sisesibi kule ndawo.

Yize likhona ithemba lokuthi isimo sezulu sizodamba nemvula yehle, baningi abantu abasale dengwane ngemuva kokulahlekelwa ngamakhaya abo.

Uhulumeni wakule ndawo uthi akhona amanye amabhilidi alungiselwa izakhamuzi ezilahlekelwe ngamakhaya azo ukuze zikhoselise amakhanda.

OLUNYE UDABA:Inkanyamba uDineo: Uhulumeni kumele abe nezinhlelo zokuvikela labo ababuthaka

Ngokubika kwephephandaba i-ABC13, uMengameli wezwe uDonald Trump uhlele ukuhambela kule ndawo ayozibonela ngokwakhe umonakalo odalekile.

Usaziwayo ongusomahlaya, uKevin Hart, usenxuse ozakwabo embonini kaqedisizungu ukuba balekelele bafake isandla ukusiza izakhamuzi zakule ndawo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...