BUKA: Kulimale abagibeli abangu-20 kuwa indiza

2018-03-12 14:01

Nepal — Bebengu-67 abagibeli bendiza yaseBangladesh ephahlazeke ngasesikhumulweni sezindiza eKathmandu ngoMsombuluko, kusho izikhulu zezomthetho.

Abezicishamlilo baphuthume kule ndawo bazama ukucisha ilangabi kule ndiza bahlenga nabagibeli.

Bekubonakala ngentuthu emnyama enkundleni yezemidlalo lapho kuwele khona le ndiza.

Okhulumela abasesikhumulweni sezindiza uPrem Nath Thakur uthe: "Bebengu-67 abagibeli kanye nabasebenzi basendizeni abane ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

"Okwamanje bangu-20 abagibeli ababikwe ukuba balimele abaphuthunyiswe esibhedlela. Amaphoyisa kanye nabophiko lokuvikelwe kombuso basematasa baqaqa le ndiza ukuze kutakulwe abanye."

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa asize izelamani ebezidayiselwe izigebengu

Ama-video azungeza ezinkundleni zokuxhumana atshengisa intuthu yale ndiza ewile kanye nezinye izindiza ezingakwazi ukuphuma esikhumulweni sezindiza ngenxa yesimoko.

Kugxekwa amarekhodi angahlelekile ezokuphepha ngenxa yokungalungiswa kahle, abashayeli bezindiza abangaqeqeshekile kanye nabaphatha abangasebenzi ngendlela.

I-VIDEO:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...