BUKA: Kuhlasela isishingishane, u-Enawo

2017-03-08 11:00

Johannesburg – Sigadle kwezwekala isishingishane esinamandla enyakatho nezwe iMadagascar ngoLwesibili nosekudala ukukhathazeka ngezikhukhula kanye nokubhidlika komhlaba.

Ngokombiko we-AP, abasebenzi bosizo oluphuthumayo bebelokhu beqaphe ngeso lokhozi njengoba isishingishane u-Enawo efike kwezwekala ezindaweni ezigudle ugu.

Lesi siphepho kulindeleke ukuthi siye ngaseningizimu nesiqhingi izinsuku ezimbalwa, nokuyinto okulindeleke ukuthi ikhahlameze inhlokodolobha i-Antananarivo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Sifike kwezwakala isishingishane eMozambique, iKZN imincile

Kuphinde kwaba nemibiko yesimo sezilu esingesihle e-Antalaha, endaweni yaseSava. Ayikho imibiko ebisavelile yomonakalo odalekile noma abantu ababe yizisulu.

Zibonele ama-video alesi sishingishane lapha ngezansi: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...