Buka: Kuginqike iloli yasesekisi kwafa indlovu kwalimala ezinye

2018-04-04 08:00

Madrid - Kufe indlovu kwalimala kanzima ezinye ezimbili ngemuva kokuginqika kweloli yasesekisi emgwaqeni omkhulu oseningizimu nempumalanga yaseSpain.

Le loli ebithwele izindlovu zesifazane ezingu-5 zasesekisini iginqike emgwaqeni ophakathi kwaae-Albacete noMurcia ngoMsombuluko (izolo) ntambama.

Ivideo iveza abosizo lokuqala betakula indlovu efile, nezinye ezithole ukulimala, ezinye zizula zula ngasendaweni yeisgameko, kuvalwe nonmgwaqo.

OLUNYE UDABA:Bakhala ngokubulawa kwezindlovu

Isikhulu samaphoyisa omngwaqo endaweni, uGregorio Serrano, sithe enkundleni yezokuxhumana iTwitter imibiko yakamucva iveza ukuthi kuginqike iloli ngesikhathi umshayeli edlula enye imoto.

Umshayeli weloli akazange alimale.

 - Ivideo nesithombe:

Image result for Youtube images circus lorry carrying elephants overturns in Spain

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...